usbahle

mlindo the vocalist

uxolo bafethu mina ngikhetha lomntan' onga le

ufike ngasekhaya izolo

ngicab'thi ubehamba nosbahle

kwaphel' imali kamjita iyhoo

wahlany' umjita ehlel'ekoneni

uxolo ntombazane ibizwa ngantoni na lento oyenzayo

ahlanya amajita eclubini

kuphel'mali yam

kuphele nekabafo

wena uzolala nami

angeke uphuze imali yam bese ungshiya kanjalo

ubes'ubatshele nguthe

abangani bakho

angeke bahambe

kahle kahle mina sis wam k'shukuthi nginetloziy' encane

angizwani nomuntu ongibaphent'ushukela sbali

ugcine elahlekile kanjalo usbahle

ubegroova kuze kuse usbahle

phela ubekhokha ngabo lobuhle

ubuso

inyawo

umzimba ngiyakutshela sbali

konke kuhle

bebemphuzisa vele babese bamudle

namhlanje askhali

lomjita obehambe naye umithisile mfethu usbahle

wathi umengafuni ukhiph'isisu akavele ahambe

phela ubewudayisa umnzimba wakhe usisi usbahle

manje lamjita yena akafune ngane

ukhuluma iqiniso siyamkhumbula thina usbahle

namavosho

iwalk yephara belbuzwa kuye

nami ngizamile mfethi nami ukumkhuza usbahle

ngibe ngiwubani kodwa mina ngoba vele angifundile

ubengasikhulumisi phela thin mfethu usbahle

ngoba uyazi asisebenzi kshuthi angeke simphuzise

namhlanje uyazisola

ukhumbula ngenkhathi bemthatha eclubini

bamtshela bathi

wena uzolala nami

uvuma kanjani uhamba nomuntu ongamazi ekutshela cash

wena uzolala nami

nani mantombazane anizihloniphi

wena uzolala nami

Full Lyrics: usbahle - mlindo the vocalist